|
Ubani okufanele abhalise?
Noma ngumuphi umuntu wemvelo noma womthetho othintana ne-CIPRO, njengabameli, izinkampani zomthetho, amabhange, abacubunguli mabhuku, amanye amabhizinisi nabanye abantu kufanele babhalise ne-CIPRO.
Kungani kufanele ubhalise njengekhasimende?
- Udinga ukuba ubhalise ukuze ukwazi ukusebenzisa ubuchwepheshe be-website ye-CIPRO, futhi ungakwazi ukulandelela izicelo ozithumele ngekhodi yakho.
Kubiza malini?
Ukubhalisa kwekhasimende kumahhala.
Ngilukhokhela kanjani usizo?
Ukubhalisa njengekhasimende kunikeza i-akhawunti egameni lekhasimende kwi-CIPRO. Ngaphambi kokusebenzisa usizo olukhokhelwayo, ikhasimende kufanele lifake imali eyanele kwi-akhawunti yalo ukuthola lolo sizo. Konke ukuzidalula okubekiwe nezimali ezifanele, zizodonswa kwi-akhawunti yekhompyutha.
Izindlela zokukhokha
Sicela uqinisekise ukuthi inombolo yakho eyi-reference ifakwe ngokucacile.
-
Ihhovisi le-CIPRO
- • I-South African Post Office (SAPO). (Ukukhokhela ama-close corporations noma ama-co-operatives) Ungabuye ukhokhele noma yimiphi imisebenzi ye-CIPRO enikezwe ozakwethu ezifundazweni Decentralisation partners ePosini eliseduze nawe. CIPRO Decentralization process click here.
-
Ukufaka imali usebenzisa ikhompyutha, usebenzisa i-credit noma i-debit card (udinga kuphela ukufaka
i-customer code endaweni ye-reference.
Usuku nenombolo ye-sequence akudingeki.)
-
Noma yiliphi ibhange le-ABSA
-
Noma yiliphi elinye ibhange (lindela izinsuku ezingu-3-4 zokwehlulahlula imali)
Imininingwane ye-akhawunti ye-CIPRO imi ngale ndlela elandelayo:
| Bank | : | ABSA |
| Account Type | : | Deposit Account |
| Account Name | : | CIPRO |
| Account Number | : | 4055 68 1017 |
| Branch Name | : | Van der
Walt Street |
| Payment Reference | : | XXXXXXDDMMCCYY01 (If the Reference Number is less than six characters long then use trailing zeros. (XXXX00DDMMCCYY01) |
Isibonele senombolo ye-reference uma imali ifakwa ebhange: 04MALA2603200901 (Ikhodi yekhasimende + DDMMYYYY + inombolo yosizo)
Uma ufaka imali ngekhompyutha ufaka i-customer code kuphela endaweni ye-reference. Usuku nenombolo ye-sequence akudingeki.
Inombolo ye-reference izosisiza ukwahlulahlula ngendlela efanele imali oyifake kwi-akhawunti yakho ekwikhompyutha.
Sicela ulinde isikhathi esiyizinsuku ezingu-2 kuya ku-4 zokusebenza (kuye ngohlobo olusebenzisile lokufaka imali) ukuba imali ilunge kwi-akhawunti yakho ne-CIPRO ekwikhompyutha.
Uma ingahlulahluliwe, thumela nge-fax isiqinisekiso sokukhokha ku +27 12 394 6361 or +27 12 394 6358. Mark for attention - Sithumele siye kwi - Revenue Department futhi ukhumbule ukufaka ikhodi yakho yekhasimende njenge-reference Mayelana nemibuzo yezimali thumela i-email ku- dmfete@cipro.gov.za or athinyane@cipro.gov.za.
Izimfanelo:
|
|
Imali ekhokhwayo
|
Ayikho imali ekhokhwayo
|
Ukudalula
|
|
Wonke amafomu okubhalisa ayatholakala kwi-website ye-CIPRO ngefomethi ye-pdf.
|
|
X
|
|
|
ImiNyango Kahulumeni Kazwelonke noma Yezifundazwe ingangena ngokuphelele ezindaweni zokuzidalula kwisayithi yethu kwi-Internet.
|
|
|
X
|
|
Amabhange azongena ngokuphelele ezindaweni zokuzidalula kwisayithi yethu kwi-Internet.
|
X
|
|
|
|
Ukungena kwezinkampani nama-close corporation kwimininingwane yokuzidalula kwi-Internet ngenani elibekiwe.
|
X
|
|
|
|
Ungakwazi ukufaka lawa madokhumende (CK1, CK2 (ingxenye B imahhala), CK2A (akukhokhwa lutho), CK7, CM5,
CM6 CM8 no-CM8A) ngekhompyutha ngaphandle kwemiNyango Kahulumeni Kazwelonke noma Yezifundazwe namabhange. (Ukufakwa bukhoma/ngesandla kwenziwa kuphela lapho ingxenye/usugaba U-C sigcwalisiwe).
Sicela wazi ukuthi uqobelo lwamadokhumende e-CK1, CK2 ne-CK2A kusafuneka alethwe ngesandla nangasemuva kokufakwa ngekhompyutha.
|
X
|
|
|
|
Faka ama-Annual Returns ngaphandle kwemiNyango Kahulumeni Kazwelonke noma Yezifundazwe namaBhange.
|
X
|
|
|
|
Ukuhlola isimo senqubekela phambili kumadokhumende afakiwe.
|
|
X
|
|
|
Zonke izinkampani ezibhalisiwe nama-close corporations angathunyelwa kuwe nge-email uma indlela yokuxhumana kuyi-email.
|
|
X
|
|
|
Ukuzihlolela-ngowakho ingqubekela phambili yezicelo zakho kuyakhokhelwa uma kumayelane/kuxhumene nezicelo ozifakile.
|
X
|
|
|
|
Ukuqinisekiswa Kwekhasimende. Lelo nalelo khasimende elifisa ukusebenzisa indawo yesicelo yezinkampani kwikhompyutha (CM29, CM31, CM27A and CM22)
kufanele lilandele inqubo yokuhlolwa kwekhasimende. (Sicela wazi ukuthi kufanele ukhokhe imali kwi-Commissioner of Oaths ikhadi ngalinye ngonyaka ukuqinisekisa.)
|
|
X
(Imali ekhokhwa kwi-CIPRO – Akukhokhwa)
|
|
Kubhaliswa kanjani?
Ukubhalisa Kwikhompyutha.
Emva kokuthumela lesi sicelo (ngokulandela imiyalo ngezansi nokwamukela imigomo nemibandela), i-akhawunti yakho izovulwa ngokushesha.
Uma ucofa u-next, uzonikwa impendulo mayelana nokuthi ukubhalisa kwenzekile yini noma cha.
Ozakwethu ezifundazweni (CIPRO Decentralisation partners)
Amakhasimende angaya futhi emahhovisi Ozakwethu ezifundazweni Decentralisation partners ezifundazweni ukubhalisa kwikhompyutha (ngaphandle kwe-SAPO).
Amakhasimende Ebhange
Ama-akhawunti amakhasimende ebhange azovulwa yi-CIPRO emva kokuthola i-fax noma i-email ene-letterhead esemthethweni, eqinisekisa isicelo nekhodi yekhasimende. Sicela usithumelele le-fax kwi-revenue unit yethu ku +27 12 394 6361.
Amakhasimende kahulumeni
Amakhasimende kahulumeni azokwazi ukungena abone i-database ye-CIPRO emva kwenqubo yokuvumeleka edingekayo. Sicela uthumele isicelo sakho ku-mswart@cipro.gov.za noma datasales@cipro.gov.za, noma usithumele nge-fax ku +27 12 394 5521.
Sisize sikusize
Amakhasimende kufanele ngaso sonke isikhathi aqinisekise ukuthi indlela ayikhethayo yokusizwa ifakwe ngokufanele.
Indlela yokuxhumana: yi-email, yi-posi, yi-docex noma ukulanda mathupa/bukhoma emahhovisi e-CIPRO
Indlela yokukuthumelela: yi-posi, yi-docex noma ukulanda ngesandla emahhovisi e-CIPRO
Amakhasimende enza okuningi ngesikhathi esisodwa ayayalwa ukuba athenge isitembu serabha esinekhodi yekhasimende abese egxiviza wonke amadokhumende ngaphezu kwepheji, phakathi nalo. Lokhu kuzosiza ekuboneni nasekulandeleleni amadokhumende. Sicela wazi ukuthi amadokhumende azothunyelwa emakhelini ashiwo nguwe esicelweni sokubhalisa kwekhasimende
Uma unemibuzo mayelana nenqubo yokubhalisa, sicela uthintane ne-Call Centre ku-086 184 3384 noma i-email info@cipro.gov.za
|